Ziningi izifo esizithola ngokofuzo kubazali bethu kanye nakogogo nomkhulu bethu. Kuncane noma akukho esingakwenza ukugwema lezi zifo.
Nalapho singayinakekeli imizimba yethu zingasingena lezi zifo.
Lezi zifo kuthiwa yizifo ezibangwa yindlela esiphila ngayo.
Leli bhukwana liqukethe ulwazi ngezinto ongazenza ukugwema lezi zifo.
Khumbula umzimba ungowakho. Impilo yakho isezandleni zakho. Ngakho zinakekele.
Uma ungabhemi, awubi nazo izinkinga zempilo. Abantu abaningi balapha eNingizimu Afrika bayakwazi lokho. Ngakho abezukuwubhema ugwayi noma ipipi, angeke futhi bahlafune ugwayi noma babheme isinemfu (ugwayi wamakhala).
Leli bhukwana liqukethe amaphuzu abalulekile ngokuphila ngendlela enempilo. Into engcono umuntu angayenza wukuthi angaqali kwakuqala ukubhema noma akuyeke uma ekwenza. Sethemba ukuthi uzokhetha ukuhlala uphile kahle ngokuthi ungasondelani nje nogwayi kumbe ukubhema.
Funda leli bhukwana ukuthola ukuthi ungakwenza kanjani lokho.
Funda udaba lukaDudu...
Umyeni wakho ukhwehlela kabi, Gugu. (Pic.1).
Kungangcono uma engayeka ukubhema! (Pic.1).
Uyazi sengibheme iminyaka eminingi kabi kanti akukho lutho oluke lwenzeka kimi! (Pic.2).
Uyabona Dudu impilo yami lena ngakho nginelungelo lokubhema ngendlela engifisa ngayo! (Pic.3).
Kulungile, uyakhumbula yini kodwa ukuthi uDokotela Zondi, nongudokotela ohlonishwayo, uthi iningi labantu abeza esibhedlela bezokwelashwa ngabantu abasuke benezifo ezidalwa wukubhema. (Pic.3).
Umonakalo odalwa yintuthu yogwayi wenzeka ngaphakathi emzimbeni wakho usuku nosuku uya ngokuya ulimaza inhliziyo, amaphaphu, imithambo yegazi kanye nezinye izingxenye zomzimba wakho. Ekugcineni impilo yakho yonke iyakhinyabezeka. Intuthu yogwayi ibulala izigidi zabantu emhlabeni jikelele unyaka nonyaka! (Pic.3).
Akusho lutho ngoba vele sonke siyogcina ngokufa. Angiyiboni inkinga uma ngibulawa yinto engithokozisayo. (Pic.4).
Ungakhohlwa ukuthi intuthu yogwayi iphinde ihogelwe ngabantu abaseduze kwakho kanti yenza nabo bangenwe yizifo ezifanayo nalezo eziphatha umuntu obhemayo. (Pic.5).
Kanti futhi ukhumbule njalo lapho wokhela usikilidi ukuthi kungenzeka ungasheshi ufeugwayi ungahle wenze uphathwe yisifo sohlangothi okuholela ekutheni uchithe iminyaka eminingi uhlupheka usuhamba ngesihlalo, okunye okungenzeka wukuthi ufe kabuhlungu ngesifo samaphaphu... cabanga ngalokhu ithuba lisekhona uyeke kwamanje ugwayi! (Pic.6).
Igama lami nguDudu. Ngithanda ukuba sixoxe ngokubhenywa kogwayi. Asiqale ngokubheka amaphuzu athinta ukubhenywa kogwayi.
Minyaka yonke bangu 12 000-abantu baseNingizimu Afrika ababulawa yisifo senhliziyo, umdlavuza wamaphaphu nezinye izinhlobo zomdlavuza kanye ne-bronchitis engelapheki. Ukubhema ugwayi kunomthelela ekutheni umuntu angenwe yilezi zifo.
Kwamanye amazwe ukubhema ugwayi kubulala abantu abaningi kunesibalo esihlanganisiwe sabantu ababulawa yingculaza, utshwala nezidakamizwa ezifana ne-heroine ne-cocaine kanye nezingozi zomgwaqo.
Umuntu obhemayo angakwazi ukuthi abuyele esimeni esijwayelekile sempilo yakhe uma eyeka ukubhema kuye ngokuthi ungakanani ngobudala, isisindo somzimba, ezinye izimo zempilo nokuthi ubesebheme isikhathi esingakanani.
Esikhathini esiwunyaka ngemuva kokuba eyekile ukubhema mancane amathuba okuthi angaphathwa yizifo ezifana ne-bronchitis. Ngemuva kweminyaka eyishumi usuke esefana nje nomuntu ongakaze abheme.
Usikilidi nogwayi kuyinhlanganisela yezakhi eziyingozi ezifana ne-carbon monoxide, inikhothini netiyela. Lezi zinto yizo ezigulisa abantu ababhemayo.
Intuthu yogwayi iyabagulisa nalabo abayihogelayo. Uma usondele eduze komuntu obhemayo yazi ukuthi lowo muntu ucekela phansi impilo yakho ngendlela efanayo nacekela ngayo phansi impilo yakhe.
Ugwayi uyingozi empilweni yakho ngoba unobuthi obuhlukene obevile ema-200. Lobuthi bulimaza amaphaphu. Uma ulokhu ubhema nomonakalo uya phambili. Lobu buthi bungadala ukwehluleka kokusebenza kwenhliziyo kanye nomdlavuza.
Inikhothini iyisidakamizwa. Ungazithola usunenkinga yehuha/noma ukungenwa yinto egazini. Uma usungenwe yihuha kusho ukuthi umzimba wakho nengqondo yakho kufuna inikhothini ngaso sonke isikhathi. Uba nomuzwa wukuthi uyidinga nsuku zonke. Uma usungenwe yinto ethile egazini kuba nzima ukuyiyeka. Yingakho abantu abaningi bekuthola kunzima ukuyeka ugwayi.
Isinemfu sinjani sona (ugwayi wamakhala)?
Isinemfu sinabo bonke ubuthi obutholakala ogwayini. Abantu ababhema isinemfu bangangenwa yizifo ezithile, njengesifo sekhala, esomlomo nesomgudu wokuhogela.
Insangu injani yona?
Odokotela bathole ukuthi insangu ilimaza umzimba wakho ngendlela efanayo nokwenza ngayo ugwayi. Uma ungenwa yihuha lokubhema insangu uzogcina ungakwazi ukusebenza, ukufunda, ukudlala noma ukuzithokozisa.
Dokotela zikhona yini izinhlobo zogwayi ezingeyona ingozi?
Cha azikho. Usikilidi, usigazi, inqawe kanye nesinemfu konke kuyingozi empilweni yakho.
Uma umuntu ebhema osikilidi abambalwa ngosuku, kungamenza yini lokho ukuba agule?
Ngisho ukubhema usikilidi owodwa ngosuku kungaba yingozi! Musa nje ukuqala ukubhema! Umonakalo emzimbeni wakho uqala lapho uqala ukubhema. Ungabukeka uphilile iminyaka eminingi ngaphambi kokuba ziqale zibonakale izimpawu zokugula.
Kuyingozi yini ukuhogela intuthu yogwayi obhenywa ngabanye abantu?
Yebo, ungazithola izifo eziningi uma uhlala noma usebenza nomuntu obhemayo. Lokhu kungabe kudalwa wukuthi uhogela intuthu yogwayi wakhe zonke izinsuku.
Izingane ezizalwa ngabazali ababhemayo zivama ukuhlushwa yizifo zesifuba ezifana ne-bronchitis nenyumoniya kanti lokhu akuvami ezinganeni ezinabazali abangabhemi.
Kuyilungelo lakho ukuphefumulo umoya ohlanzekile! Abantu ababhemayo kumele balihloniphe leli lungelo.
Iningi labantu ababhemayo liyenqaba ukuyeka ukubhema ngoba alazi ukuthi ukubhema kukhinyabeza kanjani impilo yabo. Ake sikhulume ngezinye zalezi zifo.
Ukubhema kudala izifo eziningi ezihlukene. Eziyingozi kakhulu yizifo zamaphaphu, umdlavuza, ezenhliziyo kanye nezifo zohlangothi.
Abantu abanezifo zamaphaphu bangagula iminyaka eminingi benenkinga yokukhwehlela kanye nokuphelelwa wumoya.
Izinhlobo eziningi zomdlavuza ezifana nomdlavuza wamaphaphu zidalwa wugwayi.
Akukho khambi lokwelapha umdlavuza wamaphaphu.
Ukubhema kungaphinde kudale umdlavuza kwezinye izingxenye zomzimba ezifana negilo, umminzo, isinye, ulimi nezinye.
Igazi elisemzimbeni yethu lapho lijikeleza lihamba ngamashubhu amancane esiwabiza ngemithambo.
Ukubhema kwenza le mithambo inciphe. Lokho kugcina kwenze ukuthi igazi lingahambi, okuyinto eyingozi enkulu. Uma igazi lingafiki engxenyeni ethila yomzimba leyo ngxenye iyafa. Yilokho okwenzekayo uma umuntu ehlatshwa yisifo sohlangothi noma yinkinga yokwehluleka kwenhliziyo.
Abantu abaningi bayafa ngenxa yalezi zifo. Uma besindile bavama ukukhubazeka (uthole umuntu engasakwazi ukunyakazisa izitho zomzimba) ngemuva kokuhlatshwa yisifo sohlangothi. Abanye kuyenzeka kudingeke bayonqunywa umlenze ngemuva kokuba kube nokuvimbeka kwegazi emlenzeni.
Abantu ababhemayo bayavama ukugula lapho ubaqhathanisa nabantu abangabhemi. Isikhathi esiningi badinga ukukhululwa bangabikhona emsebenzini kanti ziningi izifo ezibakhathazayo lapho uqhathanisa nabantu abangabhemi.
Izingane eziningi ziyaye zizwe noma zibone izikhangiso zogwayi bese zifuna ukuwuzama. Ngesinye isikhathi abangani abasuke vele bona sebebhema bayaye bakhuthaze labo abangakabhemi ukuba baqale nabo babheme. Ngokuvamile abantwana abancane ababhemayo banenkolelo yokuthi bazoba badala futhi badume uma bebhema.
Kungenzekani enganeni yakho uma ubhema lapho ukhulelwe?
Iningi lobuthi obuqukethwe wugwayi bungena emntwaneni ongakazalwa buhamba ngegazi likamama. Okunye wukuthi kulelo gazi umntwana angeke athole i-oksiyini eyanele nezakhamzimba azidingayo ukuze akhule kahle. Yingakho ubhema ugwayi kuyingozi emntwaneni ongakazalwa.
Kuphinde kube khona ezinye izinkinga...
Izingane ezizalwa ngomama abebebhema ngesikhathi bekhulelwe zizalwa zincane kunezinye izingane. Lezi ngane makhulu futhi amathuba okuthi zihlale ngokugula noma zikhubazeke.
Makhulu amathuba okuthi umntwana wakho angashona lapho ubeletha uma ubhema ngesikhathi ukhulelwe.
uzophefumula kalula angeke ube namazinyo anamabala noma neminwe enamabala isikhumba sakho sizoba bushelelezi futhi sibe nempilo uzoba nomoya ohlanzekile uzoba nezingane eziphile kangcono kunezabantu besifazane ababhemayo angeke uchithe imali emkhubeni ongasile uzokwenza ukuba izingane zakho zihlale ziphile kahle ngoba ungazenzi ukuba ziphefumule umoya omdala futhi onentuthu yogwayi.
Ufuna ukugcina izingane zakho ziphephile engozini ebangwa wugwayi. Kunemibono ethile ongasiza ngayo abantwana bakho ukuze bathathe izinqumo ezifanele ngempilo yabo.
Lezi yizinto ongazenza nomntanakho ekhaya. Uthisha wasenkulisa naye angawusebenzisa lo msebenzi neqembu labantwana.
Lo msebenzi usiza abantwana ekutheni bazi ngezinto ezilungile empilweni yabo kanjalo nangezinto ezingacekela phansi impilo yabo. Abantwana bafunda kangcono uma bekhululekile futhi bezithokozisa, ngakho ungabanika ulwazi olubalulekile lapho nenza lo msebenzi.
Cela ingane yakho icabange ngezinto eziyilungele nangezinto ezingayilungele. Ungasebenzisa lesi sithombe ukuqala ingxoxo yakho.
Uma unamaphephabhuku amadala, cela ingane yakho isike izithombe zezinto ecabanga ukuthi ziyilungele kanjalo nalezo ecabanga ukuthi aziyilungele. Namathelisa lezi zithombe ephepheni elikhulu bese ulibeka odongeni ukuze umndeni wonke ubone ukuthi ingane yakho yenzeni.
Lesi sifundo kumele ukuba izosithokozela ingane yakho. Musa ukukhala lapho ikhetha izinto ocabanga ukuthi aziyilungele. Uma ekhetha loko okucabanga kuthi akulungile xoxisana naye ukuze afunde kuwena lezo zinto ezizokwenza aphile kanjalo nalezo zinto ezingamgulisa. Buza ukuthi yingani ekhethe lokho akukhethile?
Lo msebenzi othisha bangawenza nezingane ezisesigabeni 1,2 noma 3. Qiniseka ukuthi abantwana banomuntu obagadile lapho benza lo msebenzi. Ningabashiyi bodwa namakhandlela avuthayo nomentshisi.
izigqwembe ezimbili zekhadi ubukhulu bazo obungacishe bube ngu-20 x 15 cm lulunye.
Oqwembeni olulodwa lwekhadi, vula imbobo phakathi nendawo elingana no-R2. Kwelinye ikhadi vula imbobo encane ngenaliti.
Tshela abantwana beze bakuzungeze.
Batshele badonse umoya kakhulu, bese kancane kancane benyuse izingalo zabo uma benza lokhu.
Phinda lokhu kuze kube kathathu. Manje xoxani ngokuthi bekunjani ngesikhathi abantwana bedonsa umoya ungena emaphashini abo. Bacele baphinde benze lokhu bazame ukuwuzwa umoya lapho ungena emizimbeni yabo. Khuluma nabo ngokuthi umoya usisiza kanjani emizimbeni yethu nokuthi amaphaphu asisiza kanjani ekuphefumuleni. Manje tshela izingane zigxume kayishumi, bese zigxuma kahlanu ngomlenze owodwa ziphinde zigxume kahlanu ngalona omunye umlenze. Zitshele zikhawule bese uzibuza ukuthi ziphefumula kanjani - ngabe ukuphefumula kwazo kuyashesha kunangesikhathi zimi ndawonye.
Xoxa ngokuthi ukuvocavoca umzimba kungayiguqula kanjani indlela esiphefumula ngayo. Ukuzivocavoca kuyinto enhle futhi kusigcina siphile kahle.
Chazela izingane ukuthi kuba naguquko luni ekuphefumuleni komuntu obhema ugwayi ngenxa yokuthi njalo lapho ebhema intuthu yogwayi ingena emaphashini iphinde iphume, enye njalo iyasala ngaphakathi emaphashini. Le ntuthu esele ngaphakathi kuhamba kuhambe ivimbe amaphaphu bese engabe esasebenza kahle njengoba ayesebenza ngaphambi kokuthi angenwe yintuthu kuwona.
Khuluma usho ukuthi ukubhema kuyiguqula kanjani indlela abantu abaphefumula ngayo, nokuthi yingani ukubheka kungalungile nokuthi yingani kusigulisa.
Zitshele izingane ukuthi ziphazamiseka kanjani empilweni ngenxa yentuthu eziyihogela isuka ogwayini obhenywa ngabanye abantu.
Manje usungababonisa lokhu obukhuluma ngako. Kumele kuqale kube nguwena owenzayo bese ubasiza abantwana lapho sebenza. Ungabashiyi bodwa nekhandlela elivuthayo noma nomentshisi. Beka ikhadi elinembobo encane phambi kwekhandlela elisethinini.
Phephetha embotsheni encane esekhadini uzobona ukuthi kunzima kanjani ukucisha ikhandlela. Lokhu kuyefana nesimo lapho uthola khona amaphaphu evalwe yintuthu endala.
Manje beka ikhadi elinembobo enkulu phambi kwekhandlela.
Manje phephetha kule mbobo uzobona ukuthi kulula ukucisha ikhandlela.
Lokhu kuyefana nokuba namaphaphu aphile kahle futhi asebenza ngendlela efanele.
Funa isikhangiso esingamakhasi amabili esitolo sangakini noma usebenzise amaphephandaba amadala kanye namaphephabhuku. Sika izithombe zezinto ezifana nephakethe logwayi ibhokisi lometshisi kanjalo nezinye ezinjengamaswidi, amapeni, amasokisi, izincwadi nokunye noma usebenzise izithombe ozidwebile.
Namathisela lezi thombe ephepheni elikhulu bese ubhala amanani entengo eduze kwazo.
Buza izingane ukuthi esimeni lapho bezinemali engu-R15 yini ebezizoyithenga. Bacele basho ukuthi bebengathengani Yini kulezi zinto ezisesithombeni izingane ezicabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukuba nayo?
Lapho zonke izingane seziphendulile, zicele ukuba zixoxe ngalokho ezikukhethile.
Khumbula azikho izimpendulo eziyizo nezishaya eceleni. KODWA esimeni lapho abantwana bekhethe ugwayi nomentshisi, ungaxoxa nabo ubatshele ukuthi lezi zinto zibiza kanjani. Ungabakhombisa futhi abantwana ukuthi zingaki ezinye izinto abangazithenga nezizohlala isikhathi eside futhi zibasize kangcono.
Lo msebenzi uyindlela yokwenza abantwana bacabange ngezinto abazifunayo nangezinto abazidinga ngempela. Uphinde ube yindlela yokuxoxa ngengozi yokubhema ngaphandle kokuthi ubafundise - kunalokho le ngxoxo izoba sakuxoxa. Uzokwazi ukwedlulisa kalula lokho ofuna ukukutshela abantwana uma kuwukuthi banethezekile futhi bayazijabulisa kunokuthi ubenze bathukuthele noma bazizwe bedinwa yinto oyishoyo.
Lezi yizibonelo zezinto ongazisika kumaphephanda nakumaphephabhuku kokunye uzidwebe.
Ungasisiza yini Dudu?
Ngitshele izingane zami ngengozi yokubhema usikilidi. Kodwa kulawa masonto ambalwa edlule ngiqaphela ukuthi indodana yami encane inuka intuthu yogwayi. Ingitshele ukuthi bonke abangani bayo bayabhema ngakho ayifuni ukusala kube yiyo yodwa engabhemi.
Ngicela usizo lwakho, angifuni umntwana wami agule.
Kufanele ukhathazeke ngendodana yakho uma ibhema ugwayi. Uma esheshe eqala ugwayi esemncane, kunokwenzeka athi eba neminyaka yobudala engamashumi amathathu ebe esenesinye sezifo ezidalwa wugwayi, ezifana nesifo samaphaphu, isifo senhliziyo noma umdlavuza.
Uma nje ekutheni akwazi ukuhlukana nogwayi ngisho kuthiwa abangani bakhe bayabhema. Lokhu ungakwenza ngokuthi umenze aqonde kabanzi ngengozi yogwayi ngokuthi uxoxe naye uphinde umkhombise leli bhukwana.
Tshela indodana yakho ukuthi kuyinto enhle ukwehluka kwabanye. Uma abangani bakhe befundekela ngogwayi, indodana yakho kumele ibe nesivumelwano nabo sokuthi wonke umuntu unelungelo lokubambelela kulezo zimiso azibekele zona nazisusela olwazini analo kanti lokho kumele kumele kuhlonishwe.
Kuwukwephula umthetho ukuthengisela ingane eneminyaka yobudala engaphansi kwe-16 ugwayi. Qiniseka ukuthi abanikazi bezitolo zangakini kanye nabasebenzi babo abathengiseli izingane ezincane ugwayi.
Nginomngani osekuphele isikhathi eside ebhema. Uke wakhwehlela kabi wase udokotela emeluleka ngokuthi akayeke ukubhema, ngale kwalokho uzogula kabi noma kokunye abulawe ngumdlavuza. Umngani wami ukhathezekile nokuthi angeke akwazi ukuyeka ugwayi. Ngithanda ukumsiza ukuze ehlukane nogwayi. Unazo mhlawumbe izeluleko onganginikeza zona mayelana nokumele ngikwenze.
Umngani wakho wazi kahle ukuthi yingani kumele ayeke ukubhema. Udokotela wakhe umexwayise ngengozi yogwayi kanti lesi sixwayiso kuzomele asihloniphe. Lokhu kubalulekile ngoba asikho isidingo sokuthi aboniswe nguwe ukuthi akayeke ugwayi kunalokho, uzithathele yena isinqumo kanti futhi unesifiso sokuyeka ukubhema. Noma kunjalo uzoludinga usizo lwakho ekuqinisekiseni ukuthi akabuyeli futhi ogwayini.
Ukuba avuleleke asho ukuthi ufuna ukuyeka ukubhema futhi acele usizo lozakwabo emsebenzini, amalungu omndeni kanye nabangani abazomsiza bamkhuthaze.
Uma eseyeke nya ukubhema, akumele kube nogwayi owuvanzi eduze kwakhe ngoba lokho kungaze kumfake esilingweni sokuphinde abheme.
Kumele azitholele into ethile azoyidla efana nesithelo kumbe kube nento ethile azoyenza noma azilibazise ngayo ikakhulu uma ezwa elangazela ugwayi. Mcele axoxe nothile, abuke uhlelo oluthile lwethelevishini noma afunde incwadi emnandi, ukuze ingqondo yakhe isuke kulo mkhutshana asewujwayele.
Njengomngani hlala njalo ngokumncoma lapho ekwazile ukuzibamba akangabhema.
Ukuhlola ukuthi lungakanani ulwazi olutholile kuleli bhukwana, gcwalisa isiphicwaphicwano samagama bese uqhathanisa izimpendulo zakho nezibhalwe ezansi nekhasi.
Uma ubhema amazinyo aba namabala.
Ukubhema ugwayi kubulala abantu abaningi ukwedlula isibalo sengculazi, utshwala, izidakamizwa kanye nezingozi zomgwaqo.
Abanye abantu ababhemayo kungaba nesidingo sokuthi banqunywe imilenze uma igazi lingasahambi.
Ezinye izifo zamaphaphu zibangwa wugwayi.
Abantu abayeka ukubhema eminyakeni eyishumi eyedlule baphile kuhle komuntu ongakaze abheme.
EZIVUNDLAYO: 1. insangu; 6. namabala; 7. ukubhema ugwayi; 8. itiyela; 9. cha; 11.
EZEHLAYO: 2. Ukungenwa yihuha; 3. nengqondo; 4. zamaphaphu; 5. inikhothini; 6. baphile; 10.
